News24

Kuboshwe 2 ngelokudlwengula e-E Cape

2012-03-12 14:33

Pretoria - Kuboshwe amadoda amabili mayelana nezigameko ezahlukene zokudlwengula eGrahamstown, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoMsombuluko.

Owesilisa, 36, uboshwe ngoLwesihlanu kulandela izinsolo zokudlwengula unina wezingane zakhe, kusho uCaptain Mali Govender.

Kuthiwa lo wesifazane ubehamba emgwaqeni ngesikhathi lo wesilisa emhudulela endlini emdlwengula.

NgeSonto kuboshwe umfana, 18, ngokudlwengula intombazane, 15.

Bobabili abasolwa kulindeleke bavele eNkantolo yeMantshi yaseGrahamstown kungekudala.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter