News24

Kuboshwe 2 ngokukhwabanisa amathenda eKZN

2011-06-30 16:46

Durban - Kuboshwe izikhulu ezimbili zenkampani ehlinzeka uhulumeni ngezidingo mayelana nokuthinteka odabeni lokukhwatshaniswa kwethenda lika-R15m, kubika isiteshi somsakazo i-East Coast Radio.

UMnyango wezeNhlalakahle KwaZulu-Natal uthi amalungu e-Andisa Unathi Investments kusolakala ukuthi enza okuphambene nomthetho ekutheni athole ithenda lenkampani yawo.
 
Ngokwesicelo salo Mnyango, uMnyango woMgcinimafa eKZN kanjalo namaphoyisa alwa nenkohlakalo, baphenye ngenkohlakalo yamathenda ekusolakala ukuthi iqhubeka kulo Mnyango.

Lokhu kuholele ekuboshweni kwabantu ababili ngoLwesithathu.

Lolu phenyo luyaqhubeka njengoba kulindeleke ukuthi kuboshwe abanye abantu.