News24

Kuboshwe 4 eWCape ngokukhwabanisa

2011-02-03 17:20

Johannesburg - Kuboshwe oweta abane eKapa kulandela ukukhwabanisa ama-credit card, kusho amaphoyisa aseWestern Cape.

ULieutenant-Colonel Andrè Traut uthe laba abane, okubalwa nababili abangabukudabuka eZimbabwe noyedwa waseMalawi, batholakale nemishini emibili yokwenza lobu bugebengu kanye namakhadi asebhange angumkokotelo.

Baphinde batholakala nomakhalekhukhwini abebenenombolo ezisolisayo.

Amaphoyisa aseshe indlu athatha ama-laptop amabili anemininingwane yama-credit card kanye nokunye okusetshenziselwa ukwenza lo mkhonyovu. Kwaphinde kwathathwa nesamba semali sika-R5 500.

La madoda abekwe amacala okuphula umthetho i-Electronic Communications and Transaction Act. Kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseKapa ngoLwesihlanu.