News24

Kuboshwe 4 ngelokushaya eSoweto

2012-06-27 14:30

Johannesburg - Kuboshwe abantu abane ngezinsolo zokushaya owesifazane, 25, eZola, eSoweto, kusho amaphoyisa ngoLwesithathu.

Kuqubuke ingxabano ngoLwesibili emuva kokuthi lo wesifazane oqashile kulo muzi esolwa ngokusebenzisa into ewisa ugesi, kusho uWarrant Officer Kay Makhubele.

Umastende, 45, namanye amalungu akhe omndeni amathathu abaneminyaka engu-31, 35, no-37 ubudala, bahlasele lo wesifazane.

"Basebenzise imimese, amabhodella nesiqwayi."

Omakhelwane yibo abahlabe umkhosi kwase kufika amaphoyisa.

Laba abathathu kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseProtea ngoLwesine ngamacala okushaya ngenhloso yokulimaza.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter