News24

Kuboshwe abasolwa emacaleni engu-46

2013-01-18 14:06

Johannesburg - Ziwakhalele amadoda amathathu asolwa ngokuthinteka ezehlakalweni ezingu-46 zobugebengu obuhlanganisa ukubulala nokuduna izimoto, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Vincent Mdunge, abasolwa ababili baboshwe ngemuva kwesehlakalo sokudubulana namaphoyisa, esenzeke endaweni yaKwaMaphumulo.

Abasolwa abaneminaka engu-26 no-27 ubudala, banqwamane phezulu namaphoyisa, ngemuva kokuduna iloli, lokhu kuholele ekutheni kuboshwe nomunye umsolwa oneminyaka engu-63 ubudala.

UMdunge uthi bakholwa ngukuthi umsolwa lona osekhulile, nguye ubhongoza kulezi zigilamkhuba, kubanjwe izibhamu ezihlanganisa i-AK-47 ne-rifle.

Kulindeleke ukuthi abasolwa bavele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yakwaMaphumulo ngoLwesihlanu.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).