News24

Kuboshwe inqwaba ngamathikithi omgwaqo

2011-11-07 13:52

Durban  - Amaphoyisa kaMasipala weTheku asezwakalise ukukhathazeka kwawo ngabashayeli abasaqhubeka nokuphula imithetho yomgwaqo nakuba kunemizamo egqugquzela ukuphepha eThekwini, kubika iNewswatch.

Bayela ku-100 abantu asebeboshiwe ngenxa yezinhlawulo yomgwaqo kanye namawaranti eThekwini.

Amaphoyisa kamasipala aqhube umkhankaso maphakathi nangaphandle kweTheku ngempelasonto.

Kuboshwe abantu abangu-96 ngokuphula imithetho yomgwaqo.

U-Eugene Msomi nokhulumela amaphoyisa alo masipala uthi abashayeli abangu-81 bakwazile ukukhokha inhlawulo ngaso leso sikhathi ukuze bagweme ukuboshwa.

Abanye abangu-15 bona baboshiwe.

UMsomi uthi kulindeleke ukuba bavele enkantolo ngoMsombuluko.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).