News24

Kuboshwe izigilamkhuba oSizweni

2012-12-31 14:29

Durban - Amadoda amane azolala ebaliwe kulandela ukubanjwa nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nemoto yokwebiwa.

Lokhu kwenzeke endaweni yasoSizweni, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal, ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Jay Naicker uthi amaphoyisa alunywe indlebe ase ebopha abasolwa ngeSonto ebusuku abanye babanjwa ngoMsombuluko.

Laba bebesendleleni eya eBallito, babanjwe nezibhamu ezingama-9mm nezinhlamvu kanye nemoto eyiMazda Sting.

Imoto yebiwa eMandeni ngenyanga kaSeptemba.




 

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).