News24

Kuboshwe ontshinge ingane ethoyilethi

2012-11-07 14:04

Johannesburg - Owesifazane zimkhalele ngokulahla usana lwakhe abesanda kuluzala emgodini wethoyilethi eNomeheya Village, eNqamakwe, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoLwesithathu.

Amaphoyisa alunywe indlebe ase eya ekhaya lalo wesifazane, 21, ngoLwesibili.

Uboshwe ngemuva kokuthi kukhishwe isidumbu sosana emgodini wethoyilethi, kusho uCaptain Jackson Manatha.

Kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseNqamakwe ngoLwesine ngecala lokufihla ukuzala.



 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter