News24

Kuboshwe owadlwengula kubuka abantu

2013-01-03 13:01

Johannesburg - Sekuboshwe ibhungu elisolwa ngokudlwengula intombazane eneminyaka engu-17 ubudala, eyadlwengulwa eshibhini eJabulani, eSoweto, ngoLwesine.

"Babephuza, indoda yase imdumela imkhumula izingubo imdlwengula kubukela abantu," kusho okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Kay Makhubela.

Ngemuva kwesehlakalo intombazana yanikela esiteshini samaphoyisa yayovula icala, yabuyela eshibhini namaphoyisa, umsolwa bamfica ezihlalele engazi nanyaka.

Kulindeleke ukuthi umsolwa avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseProtea ngoLwesihlanu.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Comments
  • john.gwala - 2013-01-03 22:48

    Uyabona msakazi mina nginezinsolo zokuthi bebe thandana ngoba angicabangi ukuthi ungenza umonakalo ubuye unganyamalali kuleyondawo ngiyabonga

  • pages:
  • 1