News24

Kuboshwe owaseMoz ngelobhejane

2012-11-29 16:36

Johannesburg - Amaphoyisa abophe indoda edabuka eMozambique, esolwa ngokuthinteka ebugebengwini bokuzingelwa kobhejane, lona uboshwe esemikhukhwini yaseRamotsahala, ngaseRustenburg, eNorth West.

Okhululumela uphiko loKlebe uCaptain Paul Ramaloko uthe umsolwa oneminyaka engu-28 ubudala uboshwe wuphiko obeluvela luphenya ngokuzingelwa kobhejane.

Lona kuthiwa uyingxenye yabasolwa abayisishiyagalombili ababoshwe ngesonto eledlule, umsolwa kuthiwa ubesiza abazingeli ngezinhlamvu zezibhamu zokuzingela.

"Sishaqe imali yaseMozambique ebalelwa ku-200 000, izinhlamvu zezibhamu kanye nemoto okwebiwa,"  kusho uRamaloko.

Umsolwa uzobekwa icala lokutholakala nezinhlamvu zesibhamu, uzovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseRustenburg, ngoMsombuluko, abanye abasolwa kuleli cala bazovela ngaphambi kweNkantoo yeMantshi yaseBrits ngoMsombuluko.


 


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).