News24

Kuboshwe owesilisa ngelokudlwengula

2012-01-05 11:10

Johannesburg - Kuboshwe owesilisa, 34, ngezinsolo zokudlwengula intombazanyana eneminyaka eyisikhombisa ubudala eZola, eSoweto, kusho amaphoyisa aseGauteng ngoLwesine.

UWarrant Officer Kay Makhubela uthe le ngane ibidlala nabangani bayo ngoLwesithathu ngesikhathi le ndoda iyibizela emjondolo wayo nalapho kusolakala ukuthi idlwengulelwe khona.

Le ngane ibe isitshela unina nobe esebikela amaphoyisa.

Lo wesilisa uboshwe ezintatha ngoLwesine.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter