News24

Kuboshwe owesilisa ngelokudlwengula e-E Cape

2012-03-13 14:09

Johannesburg - Owesilisa ongowokudabuka e-Ethiopia uboshiwe emuva kwezinsolo zokuthi udlwengule owesifazane eButterworth, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoLwesibili.

Umsolwa, 35, uboshwe ngoMsombuluko ebusuku, kusho uCaptain Jackson Manatha.

Kuthiwa ugibelise lo wesifazane, 33, emotweni yakhe wabe esemdlwengula ngabo-20:00 ngoMsombuluko.

"Umsolwa umdlwengulele emotweni ebipakwe kwakhe, emsabisa ngommese."

Umsolwa kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yaseButterworth ngoLwesithathu ngecala lokudlwengula.

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter