News24

Kuboshwe udokotela mbumbulu eKZN

2012-06-20 14:10

Durban - Kuboshwe owesilisa ePinetown obezenza udokotela ethembisa abantu ukuthi uzobatholela amathenda ezibhedlela, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesithathu.

"Kuboshwe indoda eneminyaka engu-27 ubudala esibhedlela iCrompton ngoLwesibili," kusho uCaptain Thulani Zwane.

Le ndoda ebihlezi igaxe izipopolo zodokotela emqaleni igqoke nebhantshi elimhlophe, kusolakala ukuthi iluthe abantu abangaphazu kweshumi ibathembisa amathenda nemisebenzi.

UZwane uthe le ndoda ibimandla kakhulu kwezabamabhizinisi.

Akucaci ukuthi sekunesikhathi esingakanani le ndoda igila lesi simanga.

Kuthiwa yayithembisa abantu amathenda okwakha isibhedlela seNetcare eThekwini nokunye okuningi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter