News24

Kubulawe 2 kuphangwa eKZN

2012-09-14 15:21

Durban - Amaphoyisa afuna uthuli abasolwa abathathu kulandela ukudutshulwa kubulawe izithandani esezikhulile eJacobs, ngaphandle kweTheku, kusho umbiko weNewswatch.

UKumar noPoomoney Govender bebelapho besebenzela khona, eD&D Govender's Take Away, kuChamberlain Road ngoLwesithathu ngesikhathi behlaselwa yila madoda.

Amaphoyisa athi abasolwa banxenxe imali kumnikazi wespaza, nobedayisela emagcekeni esitolo sendawo.

Ngesikhathi laba bebatshela ukuthi abanayo imali, abasolwa babe sebedubula.

Amaphoyisa athi babe sebecela empunzini bangathatha lutho.

Kucelwa noma ngabe ngubani ongase abe nolwazi ukuba aphumele obala.


  - Landela IzindabaNews24 kuTwitter