News24

Kubulawe iphoyisa eSoweto

2012-04-24 08:02

Johannesburg - Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa lomkhandlu ePimville, eSoweto, kusho amaphoyisa oMkhandlu waseGoli ngoLwesibili.

UChief Superintendent Wayne Minnaar uthe leli phoyisa lidutshulwe ngasenkundleni yezemidlalo ePimville lisendleleni eya emsebenzini.

"Kwebiwe isibhamu sakhe somsebenzi. Lesi yisigameko sesibili ezinsukwini ezine," esho.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter