News24

Kubulawe osolwa ngokuzingela obhejane

2011-03-25 13:58

Johannesburg - Udutshulwe wafa osolwa ngokuzingela obhejane ngokungemthetho ngesikhathi etholana phezulu ngezulu lezandla nabasebenzi beZemvelo KZN Wildlife, esiqiwini saseNdumo Game Reserve, eMganu.

Lesi sigameko sokudubula, nesenzeke ngoLwesine ntambama, silandelwe ukutholakala kobhejane obusanda kubulawa ekuseni, kusho okhulumela le nhlangano, uMusa Mntambo, esitatimendeni.

Lokhu kudale ukuthi abasebenzi bakulesi siqiwi benze uphenyo ngokucasha ehlathini eliseduze nalapho kutholakale khona ubhejane ukwenzela ukubamba umsolwa uma kwenzeka ebuya.

Ngezithuba zehora lesithupha ntambama, kubonakale amadoda amahlanu eza kule ndawo.

Ukubulawa kwalo bhejane kubeka kwisishiyagalolunye obhejane asebebulewe kulo nyaka KwaZulu-Natal.