News24

Kubulawe umshayeli wesitimela

2012-12-27 08:05

Johannesburg - Kugwazwe kwabulawa umshayeli wesitimela ngaphandle kwesiteshi sesitimela iHercules ePitoli, kusho inkampani iMetrorail.

Okhulumela le nkampani uLillian Mofokeng uthe umshayeli ngu-JP Du Plessis, kanti utholakale eshonile ngoLwesibili, enamanxeba okugwazwa engaphakathi esitimeleni.

“Ayikaziwa okwamanje imbangela yalesi sigameko njengoba kuzophenywa ngayo," kusho uMofokeng.

Imenenja yeMetrorail eGauteng uTembela Kulu uthe ngeke zisebenze izitimela ngoJanuwari 1 ukuhlonipha uDu Plessis.

Noma ngabe ngubani onolwazi olungasiza kulolu phenyo angashayela ezokuphepha kwaPrasa ku-012 315 2566.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter