News24

Kudlwengulwe intsha eSoweto

2012-02-14 11:12

Johannesburg – Kuboshwe owesilisa mayelana ngokudlwengulwa kwentombazane eneminyaka engu-14 eNaledi, eSoweto, kusho amaphoyisa ngoLwesibili.

Okhulumela amaphoyisa, uWarrant Office Kay Makhubela uthi lo mlisa oneminyaka engu-31 uboshwe emuva kokudlwengula le ntombazane ngoMsombuluko ebusuku.

Le ntombazane ibihamba yodwa iya ekhaya ngesikhathi edlwengulwa. Utshele abebedlula ngokwenzekile, sebebiza amaphoyisa.

Lo mlisa oboshiwe ulindelwe ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseProtea maduze.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).