News24

Kudlwengulwe kwabulawa isalukazi

2012-09-18 14:01

Johannesburg - Ugogo oneminyaka engu-92 ubudala udlwengulwe wabulawa esekhaya lakhe eZingonyameni, eMount Fletcher, esifundazweni i-Eastern Cape.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Raphael Motloung uthe kutholakale isidumbu salona wesifazane ngoLwesihlanu ebusuku, sitholwa ngumakhelwane.

Ugogo ubekade ehlala yedwa, ubenamanxeba okugwazwa amaningi ekhanda nasemilenzeni.

UMotloung uthe ayikazeki imbangela yokubulala, uthe amaphoyisa apheka ngemibuzo omunye wesilisa wakhona endaweni.





 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Comments
  • Mahlikiza - 2012-09-18 14:12

    Akatholakale abulawe, straight. Ngeke.

      Thembinkosi Bennet Mthembu - 2012-09-19 04:19

      Cha iyanyanyisa lento yokudlwengulwa kogogo.Izintombi zingaka ngabe kuyashelwa.Siphila kwesinye isikhathi.Sisakhula thina bingekho lento.Nyamzonda owafika newoonga.

  • pages:
  • 1