News24

Kudlwengulwe ugogo, 91, eKZN

2013-02-20 07:58

Pietermaritzburg - Sekuphinde kwadlwengulwa esinye isalukazi, 91, KwaZulu-Natal, nokubikwa ukuthi umsolwa wenze lokhu ephindelela esikhombe ngommese emzini waso oseMgungundlovu ngeSonto.

Amaphoyisa anxusa ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni komsolwa ukuba asize.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Joey Jeevan uthe lesi salukazi sakwaDindi, eVulindlela, bese silungiselela ukulala ngabo-21:00 ngesikhathi sizwa umuntu engqongqoza emnyango, omunye ewindini, saziba.

“Kuthe ngemuva kwesikhashana nje wabona indoda ephethe ummese ikotela emzini wakhe ngewindi."

Ibe isiyalela isalukazi ukuba silale embhedeni sizimboze ubuso ngengubo yokulala, yase isidlwengula iphindelela kwaze kwasa.

“Kuthiwa le ndoda isabise isalukazi yafuna nemali, sakhipha u-R250. Umsolwa ube esekhala amaphepha," kusho uJeevan.



 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Comments
  • cecil.luwaca - 2013-02-20 08:04

    Hayi maam kanti kwenzenjani ?

  • Thab'zozo Mthethwa - 2015-07-07 11:41

    Inja leyo kaskhotheni kungalokhu kuthiw kubonakale indoda kungcono kuthiw kubonakale inja kaskhotheni waze wamzwisa ubuhlung umtomdala kanje mmmmm akafunwe aboshwe

  • Nobukhosi Ntusenhle Ngema - 2015-07-07 12:42

    Kwaze kwabuhlungu isono umuntu emdala kumele abanjwe lomuntu owenze lento sewashonaphi unembeza kubantu ukuhlukumeza izalukazi akuphele

  • pages:
  • 1