News24

Kudutshulwe amalungu e-IFP KwaMashu

2013-02-27 08:31

Durban - Kudutshulwe amalungu amabili eNkatha Freedom Party ngaphandle kwehhovisi lekhansela elokishini laseThekwini, KwaMashu, kusho amaphoyisa.

Lesi sigameko senzeke kuMusa Road, esigcemeni sakwa-A KwaMashu, ngabo-09:00 ngoMsombuluko, kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Jay Naicker.

Kube sekushona oyedwa wala madoda kwathi omunye walimala.

Akukaboshwa muntu kanti kuvulwe icala lokubulala nelokuzama ukubulala.

Lowo oyisikhulu se-IFP uBlessed Gwala uthe lokhu kudubula kwenzeke ehhovisi lekhansela laku-Ward 39 uSakhi Ngcamu.

UNgcamu wangena esikhaleni sikaThemba Xulu, owathunjwa ngo-Okthoba nyakenye, emzini wakhe okuMusa Road.

Isidumbu sakhe satholakala emasimini omoba eNanda.

UGwala ube esebuza ukuthi kungani amakhansela e-African National Congress ethola onogada nabakhokhelwa nguMasipala weTheku, kodwa awe-IFP awakutholi lokho.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Comments
  • Zama Polobeez Ngcobo - 2013-02-27 09:51

    Kobe izwe liyabona ukuthi obani abaphehli bodlame

  • pages:
  • 1