News24

Kudutshulwe indoda esibhedlela eKing Edward

2013-02-28 16:21

Durban - Isesimeni esibucayi indoda esebenza esibhedlela iKing Edward, eThekwini, kulandela ukuthi idutshulwe nguzakwabo, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesine.

"Indoda eneminyaka engu-50 ubudala idutshulwe esifubeni nasengalweni. Umlisa oyidubulile namanje ugcwele amathafa, amaphoyisa ayamthungatha," kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane.

UZwane uthi ayikazeki imbangela yokudubula.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Comments
  • Nelly Mshengu - 2013-03-01 06:12

    ukubulalana kuyaqhubeka hawu emsebenzini akujwyeleki

  • pages:
  • 1