News24

Kudutshulwe iphoyisa eGoli

2012-12-05 16:37

Johannesburg - Iphoyisa likaMasipala waseGoli, lidutshulwe lalinyazwa yizigilamkhuba, esehlakalweni esihlobene nesokubamba inkunzi ku-N12 Highway, ngoLwesithathu, kusho okhulumela amaphoyisa.

UChief Superintendent Wayne Minnaar uthi iphoyisa lidubuleke ehlombe langakwesokudla nasentanyeni.

Amaphoyisa amabili azame ukumisa imoto ebihamba budedebgu ku-N2, ngaphambi kwejika elingenela eSoweto.

"Abasolwa abakade besemotweni behlile base bedubula bebhekise emaphoyiseni."

UMinnaar uthi abasolwa abakade besemotweni bebehlome ngezibhamu ezingama-R5 rifles, ama-K-47 nama-9mm, laba kuthiwa babambe inkunzi uPicknPay, oseSteeledale, eningizimu neGoli.

Akukaboshwa muntu okwamanje.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).