News24

Kufunwa odlwengule ugogo

2012-10-08 10:02

Johannesburg - Amaphoyisa athungatha indoda edlwengule ugogo oneminyaka engu-91 ubudala, waseHayfields, odlwengulwe ngesonto eledlule.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane, uqinisekise ukudlwengulwa kukagogo.

Umdlwenguli kuthiwa wagqekeza emzini kagogo ngoLwesihlanu, ugogo wabe esele yedwa.

Sekwandiswe isibalo samphoyisa aqaphe indawo eHayfields.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

  Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).