News24

Kugwazwe ujele ngethambo ePMB

2012-11-19 07:51

Pietermaritzburg - Ukugcwala ngokweqile kwamajele nokushintshwa kohlelo lokusebenza yikho okusolwayo ngesigameko sokugwazwa kukajele eSevontein Prison, ngaphandle kwaseMgungundlovu ngeSonto.

Okhulumela uMnyango wezamaJele esifundazweni uNokuthula Zikhali uthe lesi sigameko senzeke ngabo-07:00 ngesikhathi ojele benikeza iziboshwa ukudla kwasekuseni.

UGeorge Diedericks, nobeyibamba likamqondisi ngempelasonto, ugwazwe amahlandla ayisihlanu ngethambo elicjile.

UDiedericks, nosesebenzele lo Mnyango iminyaka engu-27, ube eseyiswa esibhedlela elimele emhlane nasendlebeni.

UZikhali uthe uMnyango uzolusukumela lolu daba olubhekene nesiboshwa esigweba iminyaka eyisithupha ngokugqekeza.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter