News24

Kugwilize ingane e-swimming pool yasekhaya kubo

2012-12-31 14:29

Johannesburg - Intombazanyana eneminyaka engu-13 ubudala igwilize yashona e-swimming pool esekhaya kubo eKrugersdorp, kusho abahambisa usizo lokuqala eGoli.

Abatakuli bafike kubo kwengane ngezithuba zawo-22:00 ebusuku, isivele ikhishiwe emanzini, bazame ukuyiphaphamisa kwaba nhlanga zimuka nomoya, kusho okhulumela abakwaNetcare 911 uSanti Steinmann.

"Abahambisi bosizo baqhubekile bazama ukuyiphaphamisa kwaze kwaphela imizuzu engu-30 kwangaba khona mehluko. Ingane ishonele endaweni yesehlakalo.”



 

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).