News24

Kugxekwa ukunyukana kwamaphoyisa

2012-05-04 14:48

Johannesburg - IKhabhinethi ligxeke umdonsiswano oqhubekayo phakathi kwamaphoyisa aphezulu, lanxusa ukuba akuyeke, kusho uNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uCollins Chabane ngoLwesihlanu.

"Lokhu kulungqofana emphakathini akuyiqinisi imizamo kahulumeni yokulwisana nobugebengu ezweni,” utshele izintatheli, kulandela umhlangano weKhabhinethi obanjwa njalo ngemuva kwamasonto amabili.

"IKhabhinethi linxuse amaphoyisa (SAPS) ukuba angathiyeki ekulwisaneni nodlame ukuze kuqinisekiswe ukuthi  umthetho uyalandelwa ezweni.”

UChabane uthe iKhabhinethi lizwakalise ukukhathazeka ngemibiko yamacala aphezulu kanye nokungcola okwenziwa amaphoyisa.

Lokhu kwehlisa isithunzi nethemba abantu okumele babenalo kwezokuphepha kwezwe.

Ngaphezulu kwalokho, iKhabhinethi liyaqhubeka nokugxeka labo abahlukumeza abesifazane, intsha nezingane ezincane.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Comments
  • mbhekiseni.gumede - 2012-05-06 14:10

    bakithi kusuke kwehlise isithuzi emapoyiseni .uma esebalwa ekugcoleni abantu okuyibona abasiza umphakathi.

  • pages:
  • 1