News24

Kuhlasele ukushisa okuxakile kuleli

2013-01-25 12:01

Johannesburg - Izingxenye eziningi zezwe zingene osukwini lwesithathu lwelanga elikhipha umkhovu etsheni, kusho abeSA Weather Services.

Isangoma sezulu uPuseletso Mofokeng uthe amazinga okushisa abephakathi kuka-35 no-40 degrees kwezinye izindawo eFree State, Northern Cape, North West, Limpopo, Mpumalanga naseGauteng.

UMofokeng uthe: "Le nyanga yaziwa ngokushisa kakhulu kwelanga."

Lesi simo esishisayo kulindeleke ukuthi size siphele ngoMsombuluko, kanti lizonetha kwezinye izindawo ngempelasonto.

"Kulindeleke imvula engu-60 percent eGauteng kusihlwa," esho.

"Kulindeleke izihlambi zemvula ngoMgqibelo neSonto KwaZulu-Natal, Free State, North West, Limpopo naseMpumalanga."

Abantu baxwayiswa ukuba baphuze amanzi abaningi bazivikele naselangeni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter