News24

Kuhlaselwe umlimi eGauteng

2012-07-18 10:04

Johannesburg - Kuhlaselwe umlimi ekhaya lakhe eBronkhorstspruit emuva kokuthi kujikijelwe isigodo egumbini lakhe lokulala, kusho amaphoyisa aseGauteng ngoLwesithathu.

"Bekunabasolwa abayisihlanu abenze lokhu," kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Johannes Japhta.

"Izithandani ezihlala kulo muzi zivuswe umsindo, umkhwenyana wathatha isibhamu wadubula emoyeni zase zikha phansi izigelekeqe. Babe sebeya egumbini lomlimi, 64, bamthola elele phansi elimele."

Lesi sigameko senzeke ngoMsombuluko phakathi kwababili.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter