News24

Kuhlinzwe owazalwa nemilenze emine

2013-06-20 10:01

Cape Town - Odokotela baseNingizimu Afrika sebehlinze ingane yaseNamibia eyazalwa inemilenze emine.

U-Andrew Palisimwe, onezinyanga ezimbili ubudala, uqhuba ngendlela kulandela ukuhlinzwa okudonse amahora angu-9, esibhedlela sezingane iRed Cross Children’s Hospital, eMowbray, kusho umbiko wephephandaba iDie Burger.

UPalisimwe wazalelwa eNamibia, ngoLwesibili ubuyiselwe ezweni lakhe, la ezothola khona ukunakekelwa esibhedlela sendawo.

Umama wengane oneminyaka engu-25 ubudala, uRuthy Mutanimiye, ubonge uhulumeni wezwe lakhe ngokumsiza ngemali, kuze kuzolashwa indodana yakhe.

“Uthi ubonga uyanconcoza,” kusho okhulumela uhulumeni waseNamibia u-Ester Paulus.

UPaulus akafunanga ukunaba ngokuthi ukuhlinzwa lokhu kube yimalini, nokho wathi bekubiza kakhulu.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).