News24

Kuketulwe iMeya yaseNkandla

2012-10-19 12:02

Durban - Amakhansela e-NFP ne-IFP asephinde avotela ukuthi kukhishwe esikhundleni iMeya kaMasipala waseNkandla uZandile Mcadi-Mpanza, ngenxa yokungamethembi ngokomsebenzi.

Lokhu kulandela umzamo wokuqala wokukhipha uMcadi-Mpanza, nowaphinde wabuyiselwa esikhundleni ngokomyalelo weNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngemuva kokungenelela koMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.

Phakathi noSepthemba i-NFP kulo masipala, yavota kanye ne-IFP ukuba kukhishwe uMcabi-Mpanza.

IMeya entsha uThamsanqa Ntuli we-IFP, uthe amakhansela abengasabuthembi ubuholi be-ANC.

“Amakhansela amaningi abengeneme ngobuholi obebuphethe," kusho uNtuli.

Okhulumela i-ANC eKZN uSenzo Mkhize ukuqinisekisile ukuthi bayazi ngalesi sigameko.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter