News24

Kulimale 16 engozini eKZN

2012-10-25 16:12

Durban - Kuphazamiseke ukuhamba kwezimoto emgwaqeni uN3 obheke eMgungundlovu, ngasePeacevale, ngesikhathi kwenzeka ingozi yetekisi kulimala abantu abangu-16.

Kukholakala ukuthi umshayeli wetekisi uhlulekile ukuyilawula kwase kudaleka ingozi, itekisi yaphaphalaza yashayisa igquma, kubika iNewswatch.

Okhulumela abakwa-ER24 uDerrick Banks uthe azikho ezinye izimoto ezibandakanyekile.

"Abasebenzi bakwa-ER24 kanye nabakwa-EMRS bebesendaweni yesehlakalo besiza abantu abalimele. Akekho osesimweni esethusayo," kusho uBanks.

Umgwaqo uvaliwe okwesikhashana.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).