News24

Kulimale 18 wabafundi engozini

2012-11-07 10:01

Johannesburg - Kulimale abafundi abangu-18 - oyedwa wabo kabi - ngesikhathi itekisi abebehamba ngayo ishayisa unqenqema eKempton Park, e-East Rand, kusho abezimo eziphuthumayo ngoLwesithathu.

Okhulumela iNetcare 911 uChris Botha uthe umshayeli uhlulekile ukulawula imoto yase ishayisa udonga lweChloorkop Primary School.

Abafundi abalimele, abaneminyaka ephakathi kweyisishiyagalombili no-12 ubudala, bayiswe ezibhedlela ezehlukene.

Umshayeli uphume engenamiyocu.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter