News24

Kulimale 2 engozini eF State

2012-04-24 07:08

Johannesburg - Imoto eyiveni ebithwele izinyosi ishayise inkomo ngaphandle kwaseKroonstad eFree State,kwalimala abantu ababili, kusho abezimo eziphuthumayo ngoLwesibili.

Okhulumela iNetcare 911 uJeffrey Wicks uthe owesilisa nendodana yakhe bebethwele izinyosi ngesikhathi bevelelwa yingozi kuR721 ngoMsombuluko ebusuku.

"AbakwaNetcare911 bafike endaweni yesehlakalo bathola la madoda womabili esesimweni esibucayi."

Baphuthunyiswe esibhedlela sendawo.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter