News24

Kulimale 2 udilikelwa udonga e-KZN

2011-04-07 17:09

Johannesburg - Abezimo eziphuthumayo bathi kulimale kabi abasebenzi ababili benkontilaki ngesikhathi bewelwa udonga endaweni yokusebenza, eProspecton, eningizimu neTheku ngoLwesine.

Okhulumela abakwaNetcare 911 uChris Botha uthe lolu donga obelusanda kwakhiwa liphephulwe umoya onamandla ngoLwesine ntambama, lambozela owesifazane nowesilisa.

Lesi sigameko senzeke endaweni yokwakha lapho kwakhiwa khona inxanxathela yezitolo eJeffels Road, eningizimu yeTheku.

Bobabili baphuthunyiswe esibhedlela saseKingsway.