News24

Kulimale intombazane kubhikishwa

2011-09-06 10:23

Johannesburg - Amaphoyisa aseGauteng athi kulimale intombazane, 15, ngesikhathi ixovwa ngezinyawo kuqhubeka imibhikisho eThembalihle ngesikhathi izakhamizi zibalekela amaphoyisa.

"Lezi zakhamizi bezikhuluma nethimba loMkhandlu ngoMsombuluko ntambama ngesikhathi isimo siphuma esandleni amaphoyisa azama ukuhlakaza isixuku ngamanzi nangezinhlamvu zenjoloba," kusho uKaputeni Hector Netshivhodza.

"Le ntombazane ishayiswe abantu abebebaleka yase iwa phansi bayigxoba ngezinyawo... ithole ukulimala yase iphuthunyiswa esibhedlela."

Umbiko wephephandaba iThe Star ngoLwesibili uveze ukuthi le ntombazane ibiyopha emlonyeni yaquleka.

UNetshivhodza uchaze isimo elokishini elingaseLenasia, eningizimu neGoli njengesishubile, njengoba izakhamizi zivale imigwaqo ngamatshe namathayi avuthayo.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).