News24

Kulindeleke ukuthi kuqokwe abuholi be-ANC

2012-12-17 13:33

Bloemfontein - Selulungisiwe udaba lwezimvume zokungena kwabantu enkomfeni ye-ANC eMangaung, nezivumela izthunywa ukuba zivote, kusho umthombo ongaphakathi eqenjini utshela iphephandaba iCity Press.

Lokhu kulungiswe ngemuva kokubizwa komhlangano osheshayo mayelana nokuthi basemthethweni yini labo abathi bayizithunywa zaseFree State naseNorth West.

Lokhu kuchaza ukuthi selungaqhubeka uhlelo lokuphakanyiswa kwamagama alabo okumele baqokelwe ubuholi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter