News24

Kumele alawulwe amathenda - Karodia

2012-07-18 07:48

Johannesburg - Lowo owajutshwa ukuba abhekelele uMnyango wezeMfundo eLimpopo u-Anis Karodia ucele uNgqongqoshe wezeziMali kuleli uPravin Gordhan ukuba kube nguye olawula ukukhishwa kwamathenda alo Mnyango, kusho umbiko ngoLwesithathu.

"Kungumbono wami ukuthi wonke amathenda angaphezu kuka-R1 million kumele alawulwe nguMnyango woMgcinimafa," kusho uKarodia embikweni awuhlanganisile.

"Lokhu kuzonciphisa izinga lokugxambukela."

UKarodia usole uNgqongqoshe wezeMfundo kulesiya sifundazwe, uDickson Masemola, ngokuba nesandla emalini engu-R2.2 billion eyasetshenziswa budedengu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter