News24

Kuminze owesilisa ngaseGreytown

2012-10-05 07:53

Durban - Sigcine sitholakele isidumbu sowesilisa ogwilize eLake Merthley ngaphandle kwaseGreytown, sitholwa yithimba lezokuthungatha nokutakula laseMgungundlovu.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane uthe le ndoda ihlonzwe njengoSiyabonga Mzimela, 28.

“Uphenyo lutshengisa ukuthi uMzimela nabangani bakhe bebeyobhukuda ngesikhathi evelelwa yilo mshophi," kusho uZwane.

Ngesikhathi iphephandaba iThe Witness lifonela umama kaMzimela, uthe ngeke akwazi ukuphawula ngenxa yokuthi usashaqekile.

Kuyaphenywa ngokufa komuntu.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter