News24

Kuminze umfana obedoba noyise

2012-09-25 07:24

Johannesburg - Kugwilize umfana, 6, kwathi uyise wahlengwa ogwini olusentshonalanga, ngaseVredenburg, kusho iNational Sea Rescue Institute (NSRI).

ÔÇťAbazibonele bathi le ngane ibinoyise emanzini ngesikebhe ngesikhathi beshayeka emadwaleni," kusho okhulumela iNSRI uCraig Lambinon esitatimendeni.

Ngokombiko, le ngane noyise bebedoba ngalesikhathi kwehla le nhlekelele.

Umfana utholakale eseshonile, kwathi ubaba wakhe waphuthunyiswa esibhedlela esesimweni esibucayi.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter