News24

Kumiswe uthisha ngokucwasa umfundi

2012-11-05 12:29

Johannesburg - Uthisha waseParkdene Primary School eBoksburg osolwa ngokucwasa ngebala nangenkolo umfundi ngoba egqoka intambo yama-Hindu, usemisiwe emsebenzini.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGauteng, uCharles Phahlane, ukuqinisekisile ukuthi umisiwe uthisha njengoba kusaqhubeka ukulalelwa kokuqondiswa kwezigwegwe.

Akashongo ukuthi luzothatha isikhathi esingakanani ngaphambi kokuba luphothulwe lolu hlelo, kubika iThe Star.

Ngokusho kwabazali bomfana, izinsolo zokucwasa zaqala ngo-2010 ngesikhathi lo thisha owenzisa umculo, igama lakhe eligodlwe yi-The Star, ebona lo mfundi efake intambo ebomvu esihlakaleni egqokwa abenkolo yama-Hindu.

Uthina lona kusolwa ukuthi wayalela umfana, owayenza uGrade 1 ngaleso sikhathi, ukuba ayikhiphe le ntambo.

Kodwa ngesikhathi umfana, osenza u-Grade 3 manje, ethi ngeke akwazi ngoba akuvumelekile futhi kuwusiko lwakhe, lo thisha (oshade nothishanhloko wesikole) kuthiwa wambiza nge-k*la.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Comments
  • dlamsmdu - 2012-11-05 15:08

    KULA _____? dd U Meant tht ? yes I wona vela

  • linda.mthembu.18 - 2012-11-05 23:12

    ABALUKHULUME KAHLE LOLUDABA UMA UTHISHA KUTHOLAKALA UKUTHI LIYAMLAHLA ICALA KUFANELE SIDATSHULWE ICERTIFICATE SAKHE SOKUFUNDISA ANGAPHINDE AVUNYELWE UKUFUNDISA.AKUBONA ABELUNGU KUPHELA OKUFANELE UKUBA AHLONISHWE AMASIKO ABO

  • pages:
  • 1