News24

Kuphekwa i-NUM ngelaseMarikana

2013-02-07 14:06

Rustenburg - Inyunyana yabasebenzi basezimayini iNational Union of Mineworkers ikuphikile ukuthi yayidelela abavukuzi basemayini iLonmin eMarikana, ngesikhathi betelekile ngonyaka owedlule.

Lobu kube ngubufakazi bukaMengameli wenyunyana uSenzeni Zokwana, abethule ngaphambi kwekhomishana kaFarlam, eqhuba uphenyo ngalokho okwenzeka emayini ngesikhathi kuteleke abasebenzi.

Ummeli wabavukuzi abalimala nababoshwa uDali Mpofu, ubuze uZokwana ukuthi kwakungasibo yini ubudedengu ukuthi inyunyana ithi ingaphikisani nesiteleka kodwa yelekelele abasebenzi ukuthi baye emsebenzi ngesikahthi kuqhubeka isiteleka.

"Ngingasho ngithi igatsha le-NUM laliyazi inqubo, lasiza laba ababefuna ukuqhubeka nokusebenza."

UZokwana uthi abasebenzi babenomyalelo ofanayo ongukuthi uma bengasebenzanga bazoxoshwa, uthe i-NUM yayisiza laba abafuna ukusebenza.

UMpofu uqophisane noZokwana ethi lokho kwakunganqinda isiteleka amandla.

Amaphoyisa adubula abulala abavukuzi abangu-34, ngesikhathi beqhinqe egqumeni elingasemayini eMarikana, betelekele ukwenyuselwa amaholo.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Comments
  • sibusiso.manqele.9 - 2013-02-08 05:20

    Hhh! kanti kwenziwa nje? Kuthi abanye betelekisiwe kube kukhona abashushumbiswayo. Lesisenzo, uma senzeka, sasiwukuqhatha abasebenzi... Kuyiqiniso ukuthi izinyunyana ziyafumbathiswa... Kuya, noma, kwadlalwa ngabantu laphaya.

  • pages:
  • 1