News24

Kushoda ubufakazi ngeMarikana - Uphenyo

2013-01-21 14:03

Johannesburg - Kunokuphazamiseka kobufakazi obuphelele ngalokho okwenzeka ngesikhathi kudutshulwa abavukuzi emayini yaseMarikana, kusho iKhomishana kaFarlam, eqhuba uphenyo.

Lokhu kuvele ekuqhubekeni kokulalelwa kobufakazi eRustenburg, ngoMsombuluko.

Omele imindeni engu-34 yabashona u-Advocate Dumisa Ntsebeza, uthi uyehluleka ukuthola umfanekiso walokho okwenzeka.

Utshele abalalele ubufakazi ukuthi uBrigadier Zephania Mkhwanazi, wamazisa ukuthi i-video yalokhu okwenzeka ayikho.

"Kungenzeka ukuthi yahlakazwa i-video. Lokho engikwaziyo ngizokubeka obala," kusho uMkhwanazi.

UNtsebeza uthe kuyaphazamisa ukungabi khona kwe-video ekhombisa ukuziphatha kwamaphoyisa ngesikhathi sokudubula.

"Ungaqinisekisa ukuthi awubanga yingxenye yethimba elilacubungula i-video yamaphoyisa?" kubuzwa uMkhwanazi

"Angikaze. Asikaze sibe nayo imihlangano la khona sasicubungula ukuziphatha kwamaphoyisa okwaqoshwa yi-video."




  – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).