News24

Kushone 2 engozini eThekwini

2013-02-01 07:54

Johannesburg - Kushone amadoda amabili ngesikhathi imoto yawo ishayisa isigxobo sikagesi emgwaqeni omkhulu uN3 ngaseThekwini ngoLwesihlanu, kusho abosizo lokuqala.

Umshayeli uphunyukwe yimoto wase eshayisa isigxobo ngaphambi kukaWarwick Avenue, kusho okhulumela iRescue Care uGarrith Jamieson.

"Omunye umgibeli utholakale edindilize emgwaqeni kanti omunye ubebhajwe emotweni."

Bobabili bahlonzwe njengabashonile endaweni yesigameko, kusho uJamieson.

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter