News24

Kushone 3 engozini e-Eastern Cape

2012-07-24 16:51

Johannesburg - Abantu abathathu bashonile kwathi ababili balimala kambi esehlakalweni sengozi yomgwaqo eyenzeke ngasePort Elizabeth, e-Eastern Cape, kusho abahambisa usizo oluphuthumayo ngoLwesibili.

Iveni eyi-4x4 ishayisane neVolkswagen Golf, emgwaqeni uMarine Drive, ngezithuba zawo-14:00, kusho okhulumela abakwaNetcare 911 uChris Botha.

Abantu abathathu ekade behamba ngeGolf bashonele endaweni yesehlakalo, ababali abakade behamba nge-4x4 balimale kambi.

Abalimele bangeniswe esibhedlela.


 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).