News24

Kushone 7 engozini eMpumalanga

2012-06-26 10:03

Johannesburg - Abantu abayisikhombisa bashonile ngesikhathi kwehla isibhicongo sengozi ehlanganisa izimoto ezimbili maduzane naseVaalbank, eMpumalanga, kusho uMnyango wezokuPhepha koMphakathi esifundazweni ngoLwesibili.

"Abagibeli kuzona zombili izimoto bashonele endaweni yesehlakalo," kusho okhulumela umnyango uMoeti Mmusi.

Kukholakala ukuthi enye yezimoto izame ukwedlula, zase zishayisana emgaqweni uR586.



 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).