News24

Kushone indoda engozini eMhlanga

2012-11-30 08:02

Johannesburg - Owesilisa oseminyakeni eko-20 ubudala uhlulekile ukulawula imoto yakhe emgwaqeni uM14 eMhlanga ngezintatha ngoLwesihlanu, kusho abezimo eziphuthumayo.

Le moto ibibheke ngaku-N2 ngabo-03:00 ngesikhathi umshayeli imphunyuka, kusho oweNetcare 911 uChris Botha.

"Abosizo lokuqala bafike endaweni yesehlakalo bathola le moto ebilimele kabi ivimbe umgwaqo. Umshayeli ebesengaphakathi kuyo elimele kanzima," esho.

Ube esephuthunyiswa e-Addington Hospital nalapho efike waphelela khona.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter