News24

Kushone ingane engozini e-E Cape

2012-05-08 07:15

Johannesburg - Kushone intombazanyana eneminyaka eyiskhombisa ubudala ngesikhathi ishayiswa yitekisi e-Alexandra, e-Eastern Cape, kusho amaphoyisa ngoMsombuluko.

UCandice Coeries ubehamba nomfowabo omncane ngesikhathi umfana lo engena emgwaqeni ngoMgqibelo, kusho uCaptain Mali Govender.

“Uthe ezama ukuhlenga umfowabo, wabe eseshayiswa yitekisi."

UCoeries, nobefunda u-grade 2 e-Alexandra Primary School, ushonele endaweni yesehlakalo.

Umfowabo akalimalanga.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter