News24

Kushone isalukazi siwela kuthelawayeka

2012-11-13 07:41

Johannesburg - Kushone isalukazi ngemuva kokushayiswa yimoto ngasemgwaqeni ochezukela e-Odendaalsrus, eFree State ngoMsombuluko ebusuku, sithi sizama ukuwela, kusho abezimo eziphuthumayo.

OweNetcare 911 uChris Botha uthe lo wesifazane ubethi uzama ukuwela emgwaqeni omkhulu uN1 ngesikhathi ezithela emotweni ebiza ngesivinini.

"Ushone ujuqu ngenxa yokulimala akutholile," kusho uBotha.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter