News24

Kushone izingane kuqhuma ipayipi lamanzi

2012-08-20 12:02

Pretoria- Izingane ezimbili zishonile kwathi abantu abalinganiselwa ku-1 000 baseMamelodi, bathuthelwa kwezinye izindawo kulandela umonakalo odalwe wukuqhuma kwepayipi, kubika i-Eyewitness News.

Abezimo eziphuthumayo eTshwane basendaweni yesehlakalo ukuzama ukuyotakula, umuntu oyedwa obelimele kambi uphuthunyiswe esibhedlela.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo uJohan Pieterse uthe ukutakulwa kwabantu kubuye kuphazanyiswe yizimvula ezinamandla eziqhubekayo.

"Umgwaqo iHans Strijdom Drive uvaliwe kusuka eHinterland Avenue kuya ePretoria Avenue."

UPieterse uthe zizomenyezelwa zonke izindawo eziphazamisekile njengoba kuqhume ipayipi lamanzi.

“Abantu bayalekelelwa ngokudla nangezinye izidingo.”
 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).